13 Kepha u-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko.”Kepha inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.”
14 Wayesethi u-Elisha: “Kuphila kukaJehova Sebawoti engimi phambi kwakhe, uma bengingamazisi uJehoshafati inkosi yakwaJuda, ngempela ngingeze ngakubheka, ngingeze ngakubona.
15 Kepha manje ngiletheleni umbethi wogubhu.” Kwathi umbethi wogubhu esabetha, isandla sikaJehova saba kuye.
16 Wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Yenza lo mfula ube nemigodi ngemigodi.’
17 Ngokuba uJehova usho kanje, uthi: ‘Aniyikubona umoya, aniyikubona imvula, kepha lo mfula uyakugcwala amanzi; niyakuphuza nina, nezinkomo zenu, nezinye izilwane zenu.’
18 Lokhu kulula emehlweni kaJehova; uyakunikela abakwaMowabi esandleni senu.
19 Niyakuchitha yonke imizi ebiyelweyo nayo yonke imizi ekhethekileyo; niyakuwisa yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithombo yamanzi, none zonke iziqephu zomhlaba ngamatshe.”