14 Wayesethi u-Elisha: “Kuphila kukaJehova Sebawoti engimi phambi kwakhe, uma bengingamazisi uJehoshafati inkosi yakwaJuda, ngempela ngingeze ngakubheka, ngingeze ngakubona.
15 Kepha manje ngiletheleni umbethi wogubhu.” Kwathi umbethi wogubhu esabetha, isandla sikaJehova saba kuye.
16 Wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Yenza lo mfula ube nemigodi ngemigodi.’
17 Ngokuba uJehova usho kanje, uthi: ‘Aniyikubona umoya, aniyikubona imvula, kepha lo mfula uyakugcwala amanzi; niyakuphuza nina, nezinkomo zenu, nezinye izilwane zenu.’
18 Lokhu kulula emehlweni kaJehova; uyakunikela abakwaMowabi esandleni senu.
19 Niyakuchitha yonke imizi ebiyelweyo nayo yonke imizi ekhethekileyo; niyakuwisa yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithombo yamanzi, none zonke iziqephu zomhlaba ngamatshe.”
20 Kwathi ekuseni ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu, bheka, kwafika amanzi ngasendleleni yakwa-Edomi, izwe lagcwala amanzi.