15 Kepha manje ngiletheleni umbethi wogubhu.” Kwathi umbethi wogubhu esabetha, isandla sikaJehova saba kuye.
16 Wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Yenza lo mfula ube nemigodi ngemigodi.’
17 Ngokuba uJehova usho kanje, uthi: ‘Aniyikubona umoya, aniyikubona imvula, kepha lo mfula uyakugcwala amanzi; niyakuphuza nina, nezinkomo zenu, nezinye izilwane zenu.’
18 Lokhu kulula emehlweni kaJehova; uyakunikela abakwaMowabi esandleni senu.
19 Niyakuchitha yonke imizi ebiyelweyo nayo yonke imizi ekhethekileyo; niyakuwisa yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithombo yamanzi, none zonke iziqephu zomhlaba ngamatshe.”
20 Kwathi ekuseni ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu, bheka, kwafika amanzi ngasendleleni yakwa-Edomi, izwe lagcwala amanzi.
21 Sebezwile bonke abakwaMowabi ukuthi amakhosi enyukile ukulwa nabo, babuthana bonke abaqale ukubhinca izikhali kuya phezulu, bema emkhawulweni.