17 Kepha owesifazane wakhulelwa, wazala indodana ngaleso sikhathi ngomnyaka olandelayo njengokusho kuka-Elisha kuye.
18 Kwathi umfana esekhulile, waphuma ngelinye ilanga, waya kuyise kubavuni.
19 Wathi kuyise: “Ngafa ikhanda! Ngafa ikhanda!”Wayesethi encekwini yakhe: “Myise kunina.”
20 Yamthatha, yamyisa kunina; wahlala emathangeni akhe kwaze kwaba semini, wafa.
21 Wakhuphuka, wambeka embhedeni womuntu kaNkulunkulu, wamvalela, waphuma.
22 Wabiza indoda yakhe, wathi: “Ake ungithumele enye yezinceku nenye yezimbongolo ukuba ngigijimele kulowo muntu kaNkulunkulu, bese ngibuya.”
23 Kepha wathi: “Uyelani kuye namuhla na? Akusilo olokwethwasa kwenyanga, akusilo isabatha.”Wathi: “Kahle.”