28 Wayesethi: “Ngake ngacela yini indodana enkosini yami na? Angishongo yini ukuthi: ‘Ungangikhohlisi,’ na?”
29 Wayesethi kuGehazi: “Bhinca izikhali zakho, uthathe udondolo lwami ngesandla sakho, uhambe; uma uhlangana nomuntu, ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela, ungamphenduli, ubeke udondolo lwami ebusweni bomntwana.”
30 Unina womntwana wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Wayesesuka wamlandela.
31 UGehazi wadlulela ngaphambi kwabo, walubeka udondolo ebusweni bomntwana; akwabakho zwi nakunaka. Ngalokho wabuya ukumhlangabeza, wamtshela ukuthi: “Umntwana akavukanga.”
32 U-Elisha esengene endlini, bheka, umntwana wayefile elele embhedeni wakhe.
33 Wangena, wabavalela bobabili isivalo, wakhuleka kuJehova.
34 Wakhuphuka, walala phezu komntwana, wabeka umlomo wakhe phezu komlomo wakhe, namehlo akhe phezu kwamehlo akhe, nezandla zakhe phezu kwezandla zakhe; lapho esekhothama phezu kwakhe, inyama yomntwana yafudumala.