34 Wakhuphuka, walala phezu komntwana, wabeka umlomo wakhe phezu komlomo wakhe, namehlo akhe phezu kwamehlo akhe, nezandla zakhe phezu kwezandla zakhe; lapho esekhothama phezu kwakhe, inyama yomntwana yafudumala.
35 Wayesebuya, wahambahamba khona endlini, waya emuva, waya phambili; wakhuphuka, wakhothama phezu kwakhe; umntwana wathimula kasikhombisa; umntwana wavula amehlo akhe.
36 Wayesembiza uGehazi, wathi: “Mbize lowo mShunemikazi.” Wambiza. Esengene kuye, wathi: “Thatha indodana yakho.”
37 Wayesefika, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma.
38 U-Elisha wabuyela eGiligali; kwakukhona indlala kulelo zwe; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe; wathi encekwini yakhe: “Bheka ikhanzi elikhulu, uphekele amadodana abaprofethi ukudla.”
39 Kwaphuma omunye, waya endle ukukha imifino, wafumana intandela yasendle, wabutha kuyo izintangazane; yagcwala ingubo yakhe; wafika, waziklabelela ekhanzini lokudla, ngokuba babengazazi.
40 Base bethululela abantu ukuba badle. Kwathi besadla lokho kudla, bakhala bathi: “We muntu kaNkulunkulu, kukhona ukufa ekhanzini.” Babengasenakudla.