11 Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphilise onochoko.
12 O-Abana noFariphari, imifula yaseDamaseku, abangcono kunawo onke amanzi akwa-Israyeli na? Ngingegeze kuyo yini, ngihlambuluke, na?” Wayesephenduka, wahamba ethukuthele.
13 Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: “Baba, uma umprofethi ebekhulume kuwe into enkulu, ngabe ungayenzanga na? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: ‘Geza, uhlambuluke,’ na?”
14 Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.
15 Wayesebuyela kulowo muntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwa-Israyeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.”
16 Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova engimi phambi kwakhe, angiyikwamukela lutho.” Wamncengisisa ukuba asamukele, wenqaba kodwa.
17 Wayesethi uNahamani: “Uma kunjalo, inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi* emibili womhlabathi, ngokuba inceku yakho ayisayikunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu, kuJehova kuphela.