20 Kepha uGehazi inceku ka-Elisha umuntu kaNkulunkulu wathi: “Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani lo wase-Aramu ngokungamukeli ezandleni zakhe akulethayo; kuphila kukaJehova, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe into kuye.”
21 UGehazi wamlandela-ke uNahamani. UNahamani wathi ukumbona umuntu egijima emva kwakhe, wehlika enqoleni ukumhlangabeza, wathi: “Nisahlezi kahle na?”
22 Wathi: “Sisahlezi kahle. Inkosi yami ingithumile ngokuthi: ‘Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta* lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.’ ”
23 UNahamani wathi: “Vuma, wamukele amatalenta* amabili.” Wamncengisisa, wabopha amatalenta amabili esiliva ezinqalathini ezimbili kanye nezingubo ezimbili zokuphendulela, wakunikela ezincekwini zakhe ezimbili; zakuthwala phambi kwakhe.
24 Esefike egqumeni wakuthatha esandleni sazo, wakubeka endlini, wavumela abantu ukuba bahambe; basuka.
25 Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: “Uvelaphi, Gehazi?”Wathi: “Inceku yakho ayiyanga ndawo.”
26 Wayesethi: “Ayiyanga yini inhliziyo yami, lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na?