5 Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Yiya khona; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wasuka, wahamba namatalenta* ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide, nezingubo eziyishumi zokuphendulela.
6 Waletha incwadi enkosini yakwa-Israyeli, ethi: “Manje, lapho le ncwadi ifika kuwe, bheka, ngithumile uNahamani inceku yami kuwe ukuba umphilise ochokweni lwakhe.”
7 Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lwakhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.”
8 Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.”
9 Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe, wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha.
10 U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.”
11 Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphilise onochoko.