5 Basuka kuhwelela, baya ekamu* lama-Aramu; sebefike emaphethelweni ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho muntu lapho.
6 INkosi ibiyizwisile impi yama-Aramu umsindo wezinqola, nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: “Bheka, inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele.”
7 Ayesesuka, abaleka kuhwelela, ashiya amatende awo, namahhashi awo, nezimbongolo zawo, nekamu* linjengalokhu linjalo, abaleka ukuba asinde.
8 Labo abanochoko sebefike emaphethelweni ekamu,* bangena kwelinye itende, badla, baphuza, basusa khona isiliva, negolide, nezingubo, baya bakuthukusa; babuya, bangena kwelinye itende, basusa nakhona, baya bakuthukusa.
9 Base bethi omunye komunye: “Asenzi kahle. Lolu suku lwanamuhla lungusuku lwentokozo; uma sithula nje silinda kuze kube sekuntweleni kokusa, siyakuficwa yicala; ngalokho masihambe, sitshele indlu yenkosi.”
10 Base behamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela ukuthi: “Sike safika ekamu* lama-Aramu; bheka, kwakungekho muntu lapho, nazwi lomuntu, kuphela ngamahhashi aboshiweyo, nezimbongolo eziboshiweyo, namatende enjengalokhu enjalo.”
11 Abalindisango bamemeza, babikela indlu yenkosi ngaphakathi.