17 Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.
18 Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.
19 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha uJuda ngenxa kaDavide inceku yakhe njengokusho kwakhe kuye ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.
20 Emihleni yakhe u-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, wazibekela inkosi.
21 UJoramu wayesewelela eSayiri, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wamchitha u-Edomi omhaqileyo nxazonke, nezinduna zezinqola, kepha abantu babalekela ematendeni abo.
22 Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla. Khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi.
23 Ezinye izindaba zikaJoramu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?