23 Ezinye izindaba zikaJoramu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
24 UJoramu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahaziya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
25 Ngomnyaka weshumi nambili kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
26 U-Ahaziya waba yinkosi eneminyaka engamashumi amabili nambili, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya, indodakazi ka-Omri inkosi yakwa-Israyeli.
27 Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.
28 Wahamba noJoramu, indodana ka-Ahabi, ukuba alwe noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.
29 Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama-Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.