1 U-Elisha umprofethi wabiza enye yamadodana abaprofethi, wathi kuyo: “Khwica, uphathe lo mfuma wamafutha esandleni sakho, uye eRamoti Gileyadi.
2 Ekufikeni kwakho khona, wofuna uJehu indodana kaJehoshafati kaNimishi, ungene, umsukumise phakathi kwabafowabo, umyise ekamelweni elingaphakathi.
3 Bese wuthatha umfuma wamafutha, uwathele ekhanda lakhe, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: “Ngikugcobile ube yinkosi kwa-Israyeli.” ’ Bese wuvula umnyango, ubaleke, ungalibali.”
4 Yayisihamba leyo nsizwa, insizwa engumprofethi, yaya eRamoti Gileyadi.