20 Umlindi wabika wathi: “Sifikile kubo, kepha asibuyi; ukuqhuba kufana nokuqhuba kukaJehu indodana kaNimishi; ngokuba uqhuba kungathi uyahlanya.”
21 Wayesethi uJoramu: “Bophela.” Babophela-ke inqola yakhe. UJoramu inkosi yakwa-Israyeli no-Ahaziya inkosi yakwaJuda baphuma, kwaba yilowo nalowo ngenqola yakhe, baphuma ukumhlangabeza uJehu, bamfumana esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli.
22 Kwathi uJoramu esembonile uJehu, wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu, na?”Wathi: “Ukuhlala kahle kuni, kuse kuningi ukufeba nokulumba kukanyoko u-Izebeli, na?”
23 UJoramu wayesephenduka wabaleka, wathi ku-Ahaziya: “Ngugobe, Ahaziya!”
24 UJehu wayesensala umnsalo ngamandla akhe onke, wamcibishela uJoramu phakathi kwamahlombe akhe, umcibisholo waphuma ngasenhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe.
25 Wayesethi kuBidikari, induna yakhe: “Mthathe, umntshinge esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli, ngokuba khumbula ukuthi, lapho mina nawe sasigibela sobabili emva kuka-Ahabi uyise, uJehova wamthwesa lolu daba
26 lokuthi: ‘Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe, usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova.’ Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.”