12 uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo, angazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho, nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho.”
13 USolomoni wayesesuka endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni etendeni lokuhlangana, waya eJerusalema; wabusa phezu kuka-Israyeli.
14 USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.
15 Inkosi yenza isiliva negolide kuvame eJerusalema njengamatshe, nemisedari* yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi.
16 Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe; abathengi benkosi bawamukela ngamadlanzi, yilelo nalelo dlanzi ngentengo yalo.
17 Bakhuphula, bakhipha eGibithe inqola ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha esiliva, nehhashi ngayikhulu namashumi ayisihlanu; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase-Aramu ngezandla zabo.