2 Izikronike 3 ZUL59

Indlu yethempeli

1 USolomoni wayeseqala ukwakha indlu kaJehova eJerusalema entabeni yaseMoriya, lapho uJehova abonakala khona kuDavide uyise, nalapho eselungisile khona endaweni kaDavide esibuyeni sika-Orinani umJebusi.

2 Waqala ukwakha ngolwesibili lwenyanga yesibili ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe.

3 Yilesi isisekelo uSolomoni asibekela ukuba kwakhiwe indlu kaNkulunkulu: ubude ngezingalo zesilinganiso esidala babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi babuyizingalo ezingamashumi amabili.

4 Umpheme owawuphambi kwendlu ende malungana nobubanzi bendlu wawuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwakuyikhulu namashumi amabili; wawunameka phakathi ngegolide elicwengekileyo.

5 Indlu enkulu wayembesa imisayipuresi,* wayinameka ngegolide elihle, waqopha kulo amasundu namaketanga.

6 Wayihlobisa indlu ngamatshe ayigugu ukuze ivunuliswe; igolide laliyigolide laseParivayimi.

7 Wanameka nendlu, nemishayo, nemibundu, nezindonga zayo, neminyango yayo ngegolide, waqopha amakherubi* ezindongeni.

8 Wenza indlu engcwelengcwele; yayimalungana nobubanzi bendlu; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amabili; wayinameka ngegolide elihle, lingamatalenta* angamakhulu ayisithupha.

9 Isisindo sezipikili sasingamashekeli* angamashumi ayisihlanu egolide. Amakamelo angaphezulu wawanameka ngegolide.

10 Endlini engcwelengcwele wenza amakherubi* amabili aqoshiweyo; bawanameka ngegolide.

11 Amaphiko amakherubi ayeyizingalo ezingamashumi amabili; iphiko lelinye laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta odongeni lwendlu; elinye iphiko nalo laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta ephikweni lelinye ikherubi.

12 Iphiko lelinye ikherubi laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta odongeni lwendlu; elinye iphiko laliyizingalo eziyisihlanu nalo, lafinyelela ephikweni lelinye ikherubi.

13 Amaphiko alawo makherubi azelula izingalo ezingamashumi amabili; ema ngezinyawo zawo, ubuso bawo bubheke endlini.

14 Wenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, wabeka kuso amakherubi.

15 Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili, ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.

16 Wenza amaketanga egumbini, wawabeka ezihlokweni zezinsika; wenza amapomegranati* ayikhulu, wawabeka emaketangeni.

17 Wazimisa izinsika phambi kwethempeli, enye ngakwesokunene nenye ngakwesokhohlo, wabiza igama lengakwesokunene ngokuthi uJakini negama lengakwesokhohlo ngokuthi uBowazi.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36