13 Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa-ke eJerusalema yabusa, ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi.
14 Wenza okubi, ngokuba akabhekisanga inhliziyo yakhe ukumfuna uJehova.
15 Izindaba zikaRehobowamu, ezokuqala nezokugcina, angithi zilotshiwe ezindabeni zikaShemaya umprofethi nezika-Ido umboni, zibhalwe ngezizukulwane, na? Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu.
16 URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide; u-Abiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.