15 Base bekhamuluka abantu bakwaJuda, nalapho abantwana bakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya oJerobowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abiya noJuda.
16 Abantwana bakwa-Israyeli babaleka ebusweni bukaJuda, uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.
17 U-Abiya nabantu bakhe babaceka ngokuceka okukhulu; kwawa amadoda akhethiweyo akwa-Israyeli abuleweyo ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.
18 Bathotshiswa-ke ngaleso sikhathi abantwana bakwa-Israyeli; kepha abantwana bakwaJuda bahlula, ngokuba babencika kuJehova uNkulunkulu wawoyise.
19 U-Abiya wamxosha uJerobowamu, wamaphuca imizi: iBethele nemizana yalo, neJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo.
20 Futhi uJerobowamu akabe esaba namandla emihleni ka-Abiya; uJehova wamshaya, wafa.
21 Kepha u-Abiya waba namandla, wazithathela abafazi abayishumi nane, wazala amadodana angamashumi amabili nambili namadodakazi ayishumi nesithupha.