10 U-Asa wayesephuma ukuhlangabezana naye, bahlela impi esigodini saseSefata ngaseMaresha.
11 U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amakhulu nongenawo; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu, ngokuba sencika kuwe, sifike ngegama lakho kulesi sixuku. Jehova, wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”
12 UJehova wawashaya amaKushe phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda; amaKushe abaleka.
13 U-Asa nabantu ababe naye bawaxosha kwaze kwaba seGerari, kwawa amaKushe kwaze kwangasala muntu ophilayo, ngokuba achithwa phambi kukaJehova naphambi kwempi yakhe, bamuka nempango enkulu kakhulu.
14 Bachitha yonke imizi ezungeza iGerari, ngokuba ingebhe ngoJehova yayiphezu kwabo; baphanga yonke imizi, ngokuba kwakukhona impango eningi kuyo.
15 Bachitha namatende ezinkomo, bamuka nezimvu eziningi namakamela, babuyela eJerusalema.