2 U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.
3 Wawasusa ama-altare abezizwe nezindawo eziphakemeyo, wazibhidliza izinsika, wabagawula o-Ashera,*
4 wamtshela uJuda ukuba amfune uJehova uNkulunkulu wawoyise, awenze umthetho nemiyalo.
5 Wasusa kuyo imizi yakwaJuda izindawo eziphakemeyo, nama-altare empepho; umbuso wazola phambi kwakhe.
6 Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, ngokuba izwe lazola, engenampi kuleyo minyaka, ngokuba uJehova wayemphumuzile.
7 Wathi kuJuda: “Masakhe le mizi, siyihaqe ngogange, nangemibhoshongo, nangezivalo, nangemigoqo; izwe lisephambi kwethu, ngokuba simfunile uJehova uNkulunkulu wethu; simfunile, wasiphumuza nxazonke.” Base bakha-ke, baphumelela.
8 U-Asa wayenempi ephethe izihlangu nemikhonto, evela kwaJuda, iyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nevela kwaBenjamini, ephethe amahawu nensala iminsalo, iyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe anamandla.