2 waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.
3 Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho;
4 kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bamfuna; wafunyanwa yibo.
5 Ngaleso sikhathi kwakungekho kuthula kophumayo nakongenayo, ngokuba ukuphaphatheka okukhulu kwakukhona phezu kwabo bonke abakhe ezweni.
6 Isizwe saphahlazwa yisizwe nomuzi ngumuzi, ngokuba uNkulunkulu wabesabisa ngezinkathazo zonke.
7 Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo wawo.”
8 Lapho u-Asa esezwa lawo mazwi nesiprofetho sika-Azariya ka-Odedi umprofethi, waziqinisa isibindi, wasusa izinengiso ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwa-Efrayimi, walivusa i-altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova.