28 Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda base bekhuphukela eRamoti Gileyadi.
29 Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho.” Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, bangena ekulweni.
30 Kepha inkosi yase-Aramu ibiyalile izinduna zezinqola zayo ngokuthi: “Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.”
31 Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: “Yena uyinkosi yakwa-Israyeli;” zase ziphenduka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.
32 Kwathi sezibonile izinduna zezinqola ukuthi yena akasiyo inkosi yakwa-Israyeli, zabuya ekumlandeleni.
33 Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje, wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi; yathi kumshayeli: “Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.”
34 Ukulwa kwaqina ngalolo suku; inkosi yakwa-Israyeli yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu kwaze kwaba kusihlwa, yafa ngesikhathi sokushona kwelanga.