1 UJehoshafati inkosi yakwaJuda wabuyela ngokuphila endlini yakhe eJerusalema.
2 UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.
3 Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”
4 UJehoshafati wahlala eJerusalema, kepha wabuye waphuma, wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni, wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise.
5 Wamisa abahluleli ezweni emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, imizi ngemizi, wathi kubahluleli:
6 “Bhekani enikwenzayo, ngokuba anahluleleli umuntu kepha uNkulunkulu, onani ekwahluleleni.
7 Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”