14 bheka, uJehova uyakushaya ngokushaya okukhulu abantu bakho nabantwana bakho, nawomkakho, nayo yonke impahla yakho,
15 wena wehlelwe yisifo esikhulu, isifo sezibilini, ukuze izibilini zakho ziphume ngesifo ekuhambeni kwezinsuku.’ ”
16 UJehova wavusa umoya wamaFilisti nowabase-Arabiya abaseceleni kwamaKushe ngoJehoramu;
17 bakhuphukela ukulwa noJuda, bafohlela kuye, basusa yonke impahla eyayifumaniseka endlini yenkosi kanye namadodana akhe nawomkakhe; akusalanga ndodana kuyo, uJehowahazi omncane emadodaneni ayo kuphela.
18 Emva kwakho konke lokho uJehova wamshaya ezibilinini zakhe ngesifo esingenakwelashwa.
19 Kwathi ekuhambeni kwezinsuku ngesikhathi sokufika ekugcineni kweminyaka emibili, izibilini zakhe zaphuma kuye ngesifo sakhe, wafa ngobuhlungu obukhulu. Abantu bakhe abamshiselanga lutho njengokushiselwa kwawoyise.
20 Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisihiyagalombili eJerusalema, wamuka engakhalelwanga muntu; bammbela emzini kaDavide, kepha kungesemathuneni amakhosi.