3 Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda, kepha umbuso wawunika uJehoramu, ngokuba wayeyizibulo.
4 UJehoramu esemile embusweni kayise, eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli.
5 UJehoramu wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.
6 Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.
7 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.
8 Emihleni yakhe u-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, wazibekela inkosi.
9 Wayesewela uJehoramu nezinduna zakhe, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wabachitha abakwa-Edomi abamhaqileyo kanye nezinduna zezinqola.