9 Wamfuna u-Ahaziya, bambamba; wayecashile eSamariya bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: “Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso.
10 Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda.
11 Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala. UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi -- ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya -- wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.
12 Wayenabo ethukusiwe endlini kaNkulunkulu iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.