3 Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu; uJehoyada wathi: “Bhekani, indodana yenkosi iyakubusa njengokukhuluma kukaJehova ngamadodana kaDavide.
4 Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha, ababapristi nabamaLevi, bayakuba ngabalindisango,
5 abesithathu babe sendlini yenkosi, abesithathu babe seSangweni Lesisekelo, bonke abantu babe semagcekeni endlu kaJehova.
6 Makungangeni muntu endlini kaJehova ngaphandle kwabapristi namaLevi akhonzayo; bona bangangena, ngokuba bangcwele; kepha bonke abantu bayakugcina izimfanelo zikaJehova.
7 AmaLevi ayakuyizungeza inkosi nxazonke, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe esandleni sakhe; ongena endlini makabulawe; yibani nenkosi ekungeneni kwayo nasekuphumeni kwayo.”
8 AmaLevi naye wonke uJuda benza njengakho konke uJehoyada umpristi ayale ngakho, bathatha, kwaba yilowo nalowo abantu bakhe ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, ngokuba uJehoyada umpristi akamukisanga izigaba.
9 UJehoyada umpristi wanikela ezinduneni zamakhulu imikhonto namahawu nezihlangu okwakungokwenkosi uDavide, kusendlini kaNkulunkulu.