1 UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.
2 UJowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada umpristi.
3 UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi.
4 Kwathi emva kwalokho kwakusenhliziyweni kaJowashi ukuvusa indlu kaJehova.