1 U-Amasiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadani waseJerusalema.
2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenganhliziyo epheleleyo kodwa.
3 Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe kuye, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.
4 Kodwa akabulalanga abantwana bazo, kepha wenza njengokulotshiweyo emthethweni encwadini kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”