19 Uthi: ‘Bheka, ngichithile u-Edomi;’ inhliziyo yakho iyakuphakamisa ukuba uzidumise; hlala ekhaya manje; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”
20 Kepha u-Amasiya akalalelanga, ngokuba kwavela kuNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo, ngokuba babefunile onkulunkulu bakwa-Edomi.
21 Wayesekhuphuka uJowashi inkosi yakwa-Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.
22 UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
23 UJowashi inkosi yakwa-Israyeli wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda indodana kaJowashi kaJehowahazi eBeti Shemeshi, wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni Lasegumbini, izingalo ezingamakhulu amane.
24 Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova ku-Obede Edomi, nengcebo yendlu yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.
25 U-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.