25 U-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.
26 Ezinye izindaba zika-Amasiya, ezokuqala nezokugcina, bheka, angithi zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli na?
27 Kusukela esikhathini u-Amasiya aphambuka ngaso ekumlandeleni uJehova bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.
28 Bamthwala ngamahhashi, bammbela koyise emzini wakwaJuda.