7 Kepha kwafika kuye umuntu kaNkulunkulu, wathi: “Nkosi, impi yakwa-Israyeli mayingahambi nawe, ngokuba uJehova akasenaye u-Israyeli nabo bonke abantwana bakwa-Efrayimi,
8 kepha noma kuhamba wena, ukwenza, uziqinisela impi; uNkulunkulu uyakukuwisa phansi ebusweni bezitha. Ngokuba uNkulunkulu unamandla okuwisa phansi nokusiza.”
9 U-Amasiya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Kepha siyakwenze njani ngamatalenta* ayikhulu engiwanike impi yakwa-Israyeli na?”Umuntu kaNkulunkulu wathi: “UJehova unamandla okukunika okuningi kunalokho.”
10 U-Amasiya wayeseyahlukanisa impi ebifike kuye ivela kwa-Efrayimi ukuba iye ekhaya; ngalokho ulaka lwabo lwavuthela kakhulu uJuda, babuyela ekhaya bevutha ulaka.
11 U-Amasiya waziqinisa, wahola abantu bakhe, waya esiGodini Sikasawoti, wabulala abantwana baseSeyiri abayizinkulungwane eziyishumi.
12 Abayizinkulungwane eziyishumi bathunjwa ngabantwana bakwaJuda besezwa, babayisa esiqongweni sesiwa, babaphonsa phansi besesiqongweni sesiwa, baphihlizeka bonke.
13 Kepha abantu bempi ababebuyiselwe emuva ngu-Amasiya ukuba bangaphumi impi naye baphundla imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kube seBeti Horoni, babulala kuyo izinkulungwane ezintathu, bathatha impango eningi.