1 UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha indodakazi kaSadoki.
2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo u-Uziya, kepha akangenanga ethempelini likaJehova. Abantu babesasebenza ukonakala.
3 Wakha iSango Lasenhla lendlu kaJehova; nasogangeni lwase-Ofeli wakha okuningi.
4 Wakha imizi ezintabeni zakwaJuda; emahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.
5 Walwa nenkosi yabantwana bakwa-Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa-Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni, nawebhali* ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.