1 U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise,
2 kepha wahamba ngezindlela zamakhosi akwa-Israyeli, wenzela oBali izithombe ezibunjiweyo.
3 Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
4 Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.