14 Abahlomileyo base bebashiya abathunjwa nempango phambi kwezikhulu nebandla lonke.
15 Namadoda abizwe ngamagama ayesesukuma, abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba ze, abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla, abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka, abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.
16 Ngaleso sikhathi inkosi u-Ahazi yathumela emakhosini ase-Asiriya ukuba ayisize.
17 Ngokuba phezu kwakho konke babefikile abakwa-Edomi, bashaya uJuda, bathumba abathunjwa.
18 NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda, athatha iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona.
19 Ngokuba uJehova wathobisa uJuda ngenxa ka-Ahazi inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba wayedlubulundile kwaJuda, waphambuka nokuphambuka kuJehova.
20 Wayesefika kuye uThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wamhlupha, akamqinisanga.