18 NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda, athatha iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona.
19 Ngokuba uJehova wathobisa uJuda ngenxa ka-Ahazi inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba wayedlubulundile kwaJuda, waphambuka nokuphambuka kuJehova.
20 Wayesefika kuye uThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wamhlupha, akamqinisanga.
21 Ngokuba u-Ahazi waphanga indlu kaJehova nendlu yenkosi neyezikhulu, wakunika inkosi yase-Asiriya, kepha akumsizanga.
22 Ngesikhathi sokuhlupheka kwakhe waqhubeka ekuphambukeni kuJehova, yona leyo nkosi u-Ahazi.
23 Wahlabela onkulunkulu baseDamaseku ababemshayile, wathi: “Ngokuba onkulunkulu bamakhosi ase-Aramu bawasiza, ngiyakubahlabela ukuba bangisize nami.” Kepha baba yisikhubekiso kuye nakuye wonke u-Israyeli.
24 U-Ahazi waqoqa izinto zendlu kaNkulunkulu, wazihlahlela izinto zendlu kaNkulunkulu, wavala izivalo zendlu kaJehova, wazenzela ama-altare emagumbini onke aseJerusalema.