6 Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye, bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.
7 UZikiri, iqhawe lakwa-Efrayimi, wabulala uMahaseya, indodana yenkosi, no-Azirikamu umbusi wendlu, no-Elkana owelama inkosi.
8 Abantwana bakwa-Israyeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili, abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.
9 Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu-Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya, wathi kubo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, kepha nina nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.
10 Manje-ke nithi niyakunyathela phansi abantwana bakwaJuda nabaseJerusalema babe yizigqila nezigqilakazi zenu. Kepha aniyikuba necala kuJehova uNkulunkulu wenu ngalokho kuphela na?
11 Ngalokho ngizweni, nibuyise abathunjwa enibathumbile kubafowenu, ngokuba ulaka olushisayo lukaJehova luphezu kwenu.”
12 Kwase kusukuma abezinhloko zabantwana bakwa-Efrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani, noBerekiya indodana kaMeshilemoti, noJehizikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nabaphuma empini,