1 UHezekiya waqala ukubusa eneminyaka engamashumi amabili nanhlanu, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalingu-Abiya indodakazi kaZakariya.
2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uDavide uyise.
3 Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe ngenyanga yokuqala wavula izivalo zendlu kaJehova, wazilungisa.
4 Wangenisa abapristi namaLevi, wababutha esigcawini ngasempumalanga,
5 wathi kubo: “Ngizweni nina maLevi; zingcweliseni, niyingcwelise nendlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, nikhiphe ukungcola endaweni engcwele.