16 Bema ezindaweni zabo njengehlelo labo ngokomthetho kaMose, umuntu kaNkulunkulu; abapristi bafafaza ngegazi elalisesandleni samaLevi.
17 Ngokuba babe baningi ebandleni ababengazingcwelisanga; amaLevi ayephezu kokuhlatshwa kwamaphasika abo bonke ababengahlambulukile ukuba abangcwelisele uJehova.
18 Ngokuba isixuku sabantu, abaningi bakwa-Efrayimi nakwaManase nakwa-Isakare nakwaZebuloni, sasingazihlambululanga, salidla iphasika ngokungalotshiwe. Ngokuba uHezekiya wayebakhulekele ngokuthi: “UJehova omuhle makathethelele
19 bonke ababebhekisa izinhliziyo zabo ukufuna uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu wawoyise, noma kungenjengokuhlanjululwa kwendlu engcwele.”
20 UJehova wamuzwa uHezekiya, wabaphilisa abantu.
21 Abantwana bakwa-Israyeli ababe khona eJerusalema bawugubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza okukhulu; amaLevi nabapristi bamdumisa uJehova imihla ngemihla ngezinto zokubethwa ezizwakalayo kuJehova.
22 UHezekiya wakhuluma kahle kuwo onke amaLevi ayebonakalisa ukuqonda inkonzo kaJehova. Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa, benikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula, bembonga uJehova uNkulunkulu wawoyise.