2 Ngokuba inkosi yayelulekene nezikhulu zayo nebandla lonke laseJerusalema ukuba bagcine iphasika ngenyanga yesibili.
3 Ngokuba babengenakulenza ngaleso sikhathi, lokhu abapristi bebengazingcwelisanga ngokwaneleyo nabantu bebengakabuthani eJerusalema.
4 Leyo nto yabe ilungile emehlweni enkosi nasebandleni lonke.
5 Benza isinqumo sokuhambisa izwi ku-Israyeli wonke kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani ukuba bafike, bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika eJerusalema, ngokuba babengalenzanga ebandleni njengokulotshiweyo.
6 Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u-Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: “Nina bantwana bakwa-Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.
7 Ningabi njengoyihlo nabafowenu ababephambuka kuJehova uNkulunkulu wawoyise, waze wabanikela encithakalweni, njengalokhu nibona.
8 Ningabi ntamo elukhuni njengawoyihlo, kepha nimnike uJehova isandla senu, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kini.