23 Lonke ibandla lase livumelana ukugubha ezinye izinsuku eziyisikhombisa; bagubha ezinye izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza.
24 Ngokuba uHezekiya inkosi yakwaJuda wayenikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa zibe yiminikelo, nezikhulu zazinikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi; abapristi abaningi bazingcwelisa.
25 Lonke ibandla lakwaJuda kanye nabapristi namaLevi, nalo lonke ibandla elaphuma ku-Israyeli, nabafokazi abaphuma ezweni lakwa-Israyeli behlezi kwaJuda, bathokoza.
26 Kwakukhona-ke ukuthokoza okukhulu eJerusalema, ngokuba kusukela esikhathini sikaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, akuzange kube khona okunjalo eJerusalema.
27 Base besukuma abapristi namaLevi, bababusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni yakhe engcwele ezulwini.