23 Abaningi baletha izipho kuJehova eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waze waphakanyiswa emehlweni abo bonke abezizwe ngasemuva.
24 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze waba sengozini yokufa; wakhuleka kuJehova; yena wakhuluma kuye, wamnika isibonakaliso.
25 Kepha uHezekiya akabuyiselanga okuhle okwenzelwe yena, ngokuba inhliziyo yakhe yayikhukhumele; ngalokho kwaba khona ulaka phezu kwakhe, naphezu kukaJuda, naphezu kweJerusalema.
26 Kepha lapho uHezekiya esezithoba ekukhukhumaleni kwenhliziyo yakhe, yena nabakhileyo eJerusalema, ulaka lukaJehova alubehlelanga emihleni kaHezekiya.
27 UHezekiya wayenengcebo nodumo oluningi kakhulu, wazenzela izindlu zesiliva, nezegolide, nezamatshe angamagugu, nezamakha, nezezihlangu, nezezinto zonke ezinxanelekayo,
28 nezinqolobane zezithelo zamabele nezewayini nezamafutha, nezibaya zezinhlobo zonke zezilwane, nezindawo zezimvu.
29 Wazenzela nemizi, nemfuyo yezimvu, nezinkomo eziningi, ngokuba uNkulunkulu wayemnike impahla eningi kakhulu.