1 UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema.
2 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
3 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza o-Ashera,* wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.
4 Wakha ama-altare endlini kaJehova, uJehova asho ngayo ukuthi: “Igama lami liyakuba khona eJerusalema kuze kube phakade.”