19 Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi omthetho, yaziklebhula izingubo zayo.
20 Inkosi yayala oHilikiya, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Abidoni indodana kaMika, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi:
21 “Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi.”
22 Wayesehamba uHilikiya nabanye benkosi, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi indodana kaThokathi kaHasira, umgcinizingubo -- wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili -- bakhuluma kuye ngokunjalo.
23 Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Tshelani umuntu onithume kimi ukuthi:
24 ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, zonke iziqalekiso ezilotshiweyo encwadini abayifundileyo phambi kwenkosi yakwaJuda,
25 ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.’