10 Yayisilungiswa-ke inkonzo; abapristi bema ezindaweni zabo namaLevi ngezigaba zawo njengesiyalezo senkosi.
11 Balihlaba iphasika, abapristi bafafaza ngezandla zabo, amaLevi alihlinza.
12 Ayisusa iminikelo yokushiswa ukuba ayabele njengamaqembu ezindlu zawoyise babantu besizwe, ukuze banikele ngayo kuJehova njengokulotshiweyo encwadini kaMose. Enze njalo nakuzo izinkabi.
13 Alosa iphasika ngomlilo njengokomthetho, neminikelo engcwele ayosa emakhanzini, nasezocweni, nasemabhodweni, ashesha akuletha kubantu besizwe.
14 Ngasemuva azilungiselela wona nabapristi, ngokuba abapristi, amadodana ka-Aroni, babesekunikeleni iminikelo namanoni kwaze kwaba sebusuku; ngalokho amaLevi azilungiselela wona nabapristi, amadodana ka-Aroni.
15 Abahlabeleli, amadodana ka-Asafa, babe sendaweni yabo njengokwesiyalezo sikaDavide, no-Asafa, noHemani, noJeduthuni umboni wenkosi; abalindisango babengasesangweni; kwakungadingeki ukuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo amaLevi babalungisela.
16 Yayisilungiswa-ke inkonzo kaJehova ngalusuku lunye ukwenza iphasika nokunikela ngeminikelo yokushiswa e-altare likaJehova njengesiyalezo senkosi uJosiya.