17 Abantwana bakwa-Israyeli ababekhona balenza iphasika ngaleso sikhathi nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
18 Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa-Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi, nawo onke amakhosi akwa-Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.
19 Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kukaJosiya leli phasika lenziwa.
20 Emva kwakho konke lokho uJosiya eselilungisile ithempeli, uNekho inkosi yaseGibithe wenyuka ukulwa neKharikemishi ngase-Ewufrathe; uJosiya waphuma ukumhlangabeza.
21 Kepha wathuma izithunywa, wathi: “Nginamsebenzi muni nawe nkosi yakwaJuda na? Angiphambene nawe namuhla, kepha ngiphambene nendlu engilwa nayo; uNkulunkulu ungitshelile ukuba ngisheshe; mgweme uNkulunkulu onami ukuba angakuchithi.”
22 Kepha uJosiya akaphendukanga kuye, kodwa waziguqula ukuba alwe naye; akalalelanga amazwi kaNekho emlonyeni kaNkulunkulu, weza ukulwa esigodini saseMegido.
23 Abacibishelayo bacibishela inkosi; inkosi yathi ezincekwini zayo: “Ngikhipheni, ngokuba ngikhutshaziwe kakhulu.”