4 Zilungiseni ngezindlu zawoyihlo ngezigaba zenu njengokubhala kukaDavide inkosi yakwa-Israyeli nanjengokubhala kukaSolomoni indodana yakhe,
5 nime endaweni engcwele njengamaqembu ezindlu zawoyise babafowenu, abantu besizwe, yilelo nalelo libe nesigaba sendlu kayise yamaLevi.
6 Lihlabeni iphasika, nizingcwelise, nilungisele abafowenu ukuba benze njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.”
7 UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi, onke abengaweminikelo yephasika, umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.
8 Izikhulu zakhe zabanika abantu, nabapristi, namaLevi iminikelo yesihle. OHilikiya, noZakariya, noJehiyeli, abaphathi bendlu kaNkulunkulu, babanika abapristi amawundlu ayizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha nezinkabi ezingamakhulu amathathu, kube ngokweminikelo yephasika.
9 OKhonaniya, noShemaya, noNethaneli, abafowabo, noHashabiya noJehiyeli, noJozabadi, izinduna zamaLevi, bawanika amaLevi amawundlu ayizinkulungwane eziyisihlanu nezinkabi ezingamakhulu ayisihlanu, kube ngokweminikelo yephasika.
10 Yayisilungiswa-ke inkonzo; abapristi bema ezindaweni zabo namaLevi ngezigaba zawo njengesiyalezo senkosi.