1 Abantu bezwe bathatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.
2 UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema.
3 Inkosi yaseGibithe yamsusa eJerusalema, yathelisa izwe amatalenta* ayikhulu esiliva netalenta legolide.
4 Inkosi yaseGibithe yabeka u-Eliyakimi umfowabo inkosi kwaJuda naseJerusalema, yaguqula igama lakhe labanguJehoyakimi. UNekho wathatha uJehowahazi umfowabo, wamyisa eGibithe.