10 Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eBabele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova, yabeka uSedekiya, umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.
11 USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema.
12 Wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe; akazithobanga phambi kukaJeremiya umprofethi womlomo kaJehova.
13 Wayihlubuka inkosi uNebukadinesari eyayimfungisile uJehova, wenza lukhuni intamo yakhe, wenza lukhuni nenhliziyo yakhe ukuba ingaphendukeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
14 Zonke izikhulu zabapristi nabantu baphambuka kakhulu ngezinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaJehova ayingcwelisileyo eJerusalema.
15 UJehova uNkulunkulu wawoyise wathuma kubo ngezandla zezithunywa zakhe, ethuma njalonjalo, ngokuba wahawukela abantu bakhe nendawo yakhe yokuhlala;
16 kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.