4 Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene.
5 Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe, lunjengembali yomnduze; lwamukela okulingene namabhati* ayizinkulungwane ezintathu.
6 Wenza imicengezi eyishumi, wabeka eyisihlanu ngakwesokunene neyisihlanu ngakwesokhohlo ukuhlambela kuyo; okweminikelo yokushiswa babekugezela kuyo, kepha ulwandle lwalungolokuhlambela abapristi.
7 Wenza izinti zezibani zegolide njengomthetho wazo, wazibeka ethempelini, eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo.
8 Wenza amatafula ayishumi, wawabeka ethempelini, ayisihlanu ngakwesokunene nayisihlanu ngakwesokhohlo. Wenza nezitsha eziyikhulu zegolide.
9 Wenza igceke labapristi, negceke elikhulu, neminyango yegceke, wazinameka izivalo zayo ngethusi.
10 Walubeka ulwandle ngakwesokunene ngasempumalanga yangaseningizimu.